The-Way-of-Light-beyond-the-Cross-stations-Zulu-booklet


The-Way-of-Light-beyond-the-Cross-stations-Zulu-booklet

1 Pages 1-10

▲back to top

1.1 Page 1

▲back to top
Via Lucis ”
Indlela yakuleso naleso sigaba:
1. Isigaba siyethulwa
2. Isiphendulo esifushane
Umholi : Siyakhuleka kuwe Kristo siyakubonga;
Bonke : Ngoba ngokuvuka kwakho, usigcwalise ngethemba nenjabulo, Alleluya!
3. Isifundo esifushane sifundwa umholi.
4. Bonke basho umkhuleko kanyekanye emva kokuthi: Asikhuleke.
5. Sonke sicula iculo elifushane lapho kuthiwa - Masicule.
Isandulelo
Kepha uNkulunkulu wamvusa uJesu kwabafileyo. Wabonwa izinsuku eziningi yibo
ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje. Nathi
sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kobaba ukuthi uNkulunkulu
usigcwalisile kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili
ukuthi: Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele
(Izenzo 13:30-33)

1.2 Page 2

▲back to top
1. Isigaba Sokuqala
UJesu uvukile!
Abesifazane bathola ukuthi ithuna uJesu abebekwe kulo alinamuntu.
Ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi,
bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.
Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe bengena,
abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi
besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda
amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.
Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo:
Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha,
kepha uvukile, khumbulani ukukhuluma kwakhe kini
eseseGalile”. (Luk. 24:1-9)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
ukuvuka kwakho kuyizindaba ezithokozisayo
impela!
Siyakutusa ngokunqoba kwakho phezu kwesono
nokufa!
Ukuvuka kwakho kusilethela ithemba,
ukusindiswa nesiqalo sempilo entsha kuwena!
Senze ukuba sikhule ekukholweni ukuze kuthi ekugcineni,
izimpilo zethu zingagcini ziguquliwe nje kuphela! Amen.
Masicule:
Ngephasika ekuseni kwezwakala ukuduma;
Wavuka-ke uMsindisi walishiya ithuna lakhe.
|:Jesu Nkosi Mhlengi wethu ovukile ekufeni sikhumbule
thina bakho sihlab' inhlanhla sonke.:
Kwababeya elibeni ingelosi yathi kubo?
Kakho lapha uvukile njengakusho engakafi.
|.:Jesu Nkosi...:|

1.3 Page 3

▲back to top
2. Isigaba Sesibili:
UPetru noJohane bagijima baya ethuneni
Ngakho wayesephuma uPetru nomunye
umfundi, beza ethuneni. Bagijima bobabili
kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima
kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni.”
Asikhuleke
Nkosi evukile,
njengoba simi ngaphambili kwethuna lakho
elingenalutho,
uyasimema ukuba sizwe lokho uPetru
noJohane abakuzwa.
Njengoba sizindla ngezimfihlakalo zokufa
nokuvuka kwakho,
Siphe igrasiya lokuqonda ngokupheleleyo igazi
esasindiswa ngalo
noMoya esazalwa ngawo kabusha. Amen.
Masicule:
Uvukile uJesu, Alleluya Alleluya!
Usevukile washiya ithuna usenqobile usathane
Nokufa. Allelluya! Alleluya! Mana Mkhululi,
Alleluya!
Uvukile UJesu. Alleluya! Alleluya!
Ake sihambe ngendlela kaJesu, khona sosinda
Sibuse phezulu. Alleluya! Mana Mkhululi, Alleluya!

1.4 Page 4

▲back to top
3. Isigaba Sesithathu:
UJesu uzibonakalisa kuMariya Magdalena
UMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala;
esakhala walunguza ethuneni; wabona izingelosi
ezimbili zimbethe okumhlophe, zihlezi, enye
ngasekhanda enye ngasezinyaweni, lapho
isidumbu sikaJesu besilele khona. Zona-ke zathi
Kuye: “Mame ukhalelani na?” Wathi kuzo:
Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi
bayibekephi. Eseshilo lokho, waphenduka,
wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi uJesu.
UJESU wathi kuye: Mame, ukhalelani na? Ufuna
bani na? Kepha yena ethi ngumphathi wensimu
wathi kuye: Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi
umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina. UJESU
wathi kuye: Mariya! Waphenduka wathi kuye
ngesiHeberu: Rabuni, okungukuthi: Mfundisi”.
(Johane 20:11-18)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
wanikeza uMariya Magdalena ithuba lokuba ngufakazi wokuqala wokuvuka kwakho,
wamyalela ukuba ahambe atshela bonke izindaba ezithokozisayo.
Njengoba wenza kuMariya, uyasibiza sonke ngamagama ethu,
usicela ukuba sabelane nabanye esihlangana nabo ezimpilweni zethu,
lezi zindaba ezithokozisayo.
Sisize-ke ukuba sikwenze lokho ngesibindi. Amen.
Masicule:
Jabulani, Jabulani, Jabulani, Jabulani makholwa!
Nituse inkos ngoba inqobile:|: Alleluya, Allelluya,
Allelluya, Alleluya, Alleluya, Alleluya, Alleluya.:
Jabulani, Jabulani, Jabulani, Jabulani maKristo!
Nishay' imitshingo nibethe ihlombe:|: Alleluya…:

1.5 Page 5

▲back to top
4. Isigaba Sesine
UJesu uhambisana nabafundi ababili ababeya e-Emawuse
Wathi kubo: zindaba zini lezi enikhuluma ngazo
omunye nomunye nihamba na? Base bema
benyukumele. Omunye nguKleyophase igama lakhe,
waphendula wathi kuye: Wena uyisihambi
eJerusalema, unoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo
khona ngalezi zinsuku?
Wayesethi uJesu kubo: O nona eningaqondiyo
nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke
abakushilo abaprofethi! UKRISTO ubengamelwe
yini ukuhlupheka ngalokho? Aze angene
enkazimulweni yakhe na? Wayesethatha kuMose
nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni
okuqondene naye.” (Luk. 24:17-18, 25-27)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
wahlangana nabafundi bakho ababili njengoba babesenkathazweni ababezama ukuyibalekela.
Wabasiza ukuba baqonde incazelo eyiqiniso mayelana nezehlakalo ezazibenza badabuke.
Isimemo sabo esithi: “hlala nathi” sesiphenduke umkhuleko wethu.
Sisize ukuba sikubone kulabo abahamba eceleni kwethu ngesikhathi sisezinhluphekweni.
Amen.
Masicule:
Ngingowakho Jesu wami, ngingowakho njalo ngingehlu-
kaniswe nawe noma ngisahamba, noma ngifa qhabo.
Jesu Nkulunkulu wami, hlala nami njalo,
Ngibe isithandwa sakho, |:Manje naphakade…:|

1.6 Page 6

▲back to top
5. Isigaba Sesihlanu:
UJesu ukhunjulwa ngokuhlephula kwakhe isinkwa
Base besondela emzaneni ababeya kuwo; yena
washaya sengathi udlulela phambili.
Bamncengisisa bathi: “hlala nathi, ngokuba
sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.”
Wangena wahlala nabo. Kwathi esahlezi nabo
ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga,
wasihlephula, wabanika.
Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala
kubo.
Bathi omunye komunye: “Inhiziyo yethu ibingavuthi
yini phakathi kithi endleleni na?
(Luk. 24:28-32)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
njengoba abafundi bakukhumbula ngokuhlephula
kwakho isinkwa,
bazikhumbula uqobo lwabo futhi. Babesengabafundi bakho!
Amazwi akho abavuselela ukholo lwabo kuwe.
Ngaso sonke isikhathi uma senza umhlatshelo oyiNgcwele,
uyasimema ukuba sivuseleleke ekubeni ngabalandeli bakho,
ngenkathi silalela izwi lakho nangenkathi sabelwa ngoMzimba neGazi lakho.
Amen.
Masicule:
Nasi isinkwa sokuphila esivela ezulwini,
Esizophilisa thina. Lesi sinkwa sengelosi
Awusiphe sona, Nkosi.
|:Sizwe ubumnandi baso.:|

1.7 Page 7

▲back to top
6. Isigaba Sesithupha:
UJesu ubonakala kubafundi bakhe ababezivalele endlini
Besakhuluma lokho, uJesu yena uqobo wema
phakathi kwabo, wathi kubo: ukuthula makube-
kinina. Kepha bashaywa uvalo, besaba bethi
babona ithongo. Wayesethi kubo:
Nikhathazekeleni na? Kuvelelani izizindlo
ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami
nezinyawozami ukuthi yimina uqobo;
ngiphatheni nibone, ngokuba ithongo
alinanyama namathambo, njengokuba
ningibona nginakho. Eshesilo lokho
wababonisa izandla nezinyawo. Kepha
bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala,
wathi kubo: Ninakho ukudla lapha na?
Bamnika iqatha le nhlanzi eyosiweyo neqa
lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo.
(Luk. 24:36-43)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
sisakuthola kunzima ukukholwa ukuvuka kwakho nokwethu.
Sisize ukuba sikholwe. Amen.
Masicule:
Wasebonakal' uJesu kubafundi bakhe bonke:
Besasa-ke, bajabula beyibon' iNkos' iphila.
:Jesu Nkosi Mhlengi wethu ovukile ekufeni
sikhumbule thin' abakho, usihlab' inhlanhla sonke.:

1.8 Page 8

▲back to top
7. Isigaba Sesikhombisa:
UJesu unika abafundi bakhe amandla okuthethelela izono
Khona uJesu wabuye wathi kubo “ukuthula makube
kinina. Njengokuba uBaba engithumile mina, nami
ngiyanithuma.” Kwathi ukuba asho njalo,
wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya
oCwebileyo. Labo eniyakubathethelela izono zabo
bayakuba bethethelelwe, nalabo eniyakubabopha
ngezonozabo bayakuba beboshiwe. (Joh 20:21-23)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
wabonakala kubafundi bakho waphefumulela uMoya
wakho oyiNgcwele kubona;
thululela kithina uMoya wokusinda, ukuze siqhubeke
nomsebenzi wakho wokuletha intethelelo ezweni lethu
elonakele. Amen.
Masicule:
Shwele, Jesu, wo! Sonile, sadelela izwi lakho,
Asisafanel’ ukuba size embusweni wakho.
Shwele, Jesu, sibuyile, samukele ngomsa wakho,
Usithelel’ izono esizenze phambi kwakho.

1.9 Page 9

▲back to top
8. Isigaba Sesishiyagalombili:
UJesu uqinisa ukholo lukaTomase
Kepha uTomase, omunye kwabayishumi nambili,
othiwa uDidimu, wayengekho kubo mhla efika
uJesu. Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye:
Siyibonile iNkosi. Kepha wathi kubo: Uma
ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili,
ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili,
ngifake isandla sami ohlangothini lwayo,
angisoze ngakholwa. Emva kwezinsuku
eziyisishiyagalombili abafundi bakhe besendlini
futhi, uTomase enabo. UJESU wafika iminyango
ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: Ukuthula
makube kinina. Wayesethi kuTomase: Zisa lapha
umunwe wakho, ubone izandla zami, zisa isandla
sakho usifake ohlangothini lwami; ungabi
ongakholwayo kodwa okholwayo. UTOMASE
waphendula wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu
wami! UJESU wathi kuye: Ngokuba ungibonile
usukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.” (Johane 20:24-29)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
wavuselela ukholo lukaTomase ngokuvuka kwakho!
Ukholo lwakhe luwukholo lwebandla.
Gcina ibandla owalakha ngabapostole,
gxilisa ukholo lwethu ekunqobeni kwakho okwakuyisiphetho,
usisize ukuba sithole ukuqina ethembeni lokubuya kwakho. Amen.
Masicule:
Jabulani, Jabulani, Jabulani, Jabulani zidalwa!
Bantwana babantu nani zilwane. :Alleluya….:
Jabulani, Jabulani, Jabulani, Jabulani zikhethwa!
Tusani Nkos' engunaphakade. :Alleluya….

1.10 Page 10

▲back to top
9. Isigaba Sesishiyagalolunye:
UJesu ubonakala ngasogwini lwaseTiberiya
USimoni Petru wathi kubo: “Ngiyakodoba.”
Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.”
Base bephuma, Bangena emkhunjini; kepha
ngalobobusuku ababambanga lutho.
Kuthe sekusa, uJesu wayemi ogwini. Kepha
abafundi Babengazi ukuthi nguJesu. UJesu
wathi-ke kubo: “Bantwana, Aninakho ukudla
na?” Bamphendula bathi:“Qha.” Wayesethi
kubo: “Phonsani inethi ngakwesobunene
somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa,
ababe besaba-namandla ukulindonsa ngenxa
yobuningi bezinhlanzi, khona lowomfundi
uJesu amthandayo wathi kuPetru: YiNkosi.
USIMONI Petru ekuzwa ukuthi yiNkosi,
wagqoka, ngokuba wayehamba-ze, waziphosa
elwandle.” (Johane 21:3-7)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
ngesifanekiso sezinhlanzi eziningi enethini eyodwa kepha ingadabuki,
usitshengisa isifiso sakho sokuthi abantu bezizwe zonke
mababe ngabangcwele futhi babemunye.
Njengoba wabonisa abafundi leyonqwaba yezinhlanzi,
qhubeka nokusibonisa indlela eya ebunyeni. Amen.
Masicule:
Banenhlahla labo bantu abavuma ngenhliziyo,
Imithetho nezindlela azishumayel’ uJesu.
:Thin’ esafuman’ ibandla likaJesu uMsindisi,
Asibonge sithokoze, asibonge ngokulunga.:
Banenhlanhla labo bantu abalahl’ ijok’ elibi,
Balivum’ elikaJesu elilula elimnandi.:Thin’…:

2 Pages 11-20

▲back to top

2.1 Page 11

▲back to top
10. Isigaba Seshumi:
UJesu uthuma uPetru ukuba aluse umhlambi wakhe, iBandla
Khona sebedlile, uJesu wathi kuSimoni Petru:
Simoni kaJona uyangithanda kunalaba na?
Wathi kuye: Yebo, Nkosi uyazi wena ukuthi
ngiyakuthanda. Wathi kuye: Yipha amawundlu
ami. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni
kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo
Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda. Wathi
kuye: Yalusa izimvu zami.
Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona,
uyangithanda na? UPETRU wadabuka ngokuba
wathi kuye ngokwesithathu: uyangithanda na?
Wathi kuye: Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuti
ngiyakuthanda. UJESU wathi kuye: Yipha
izimvu zami.” (John 21:15 - 17)
Asikheleke:
Nkosi evukile,
awuzange nje uthethelele UPetru ngokukuphika
kwakhe kathathu kuphela,
kodwa wamkhetha ukuba abe ngumholi wabalandeli bakho,
futhi abe ngumelusi wezimvu zakho.
Esezahlukanisele ukukuthanda kuze kube sekupheleni,
waqala ukuba athathe isibopho sokuba ngumholi wabantu ekufumaneni
ukusindiswa othandweni lwakho.
Sengathi umlandeli kaPetru angaqhubeka ukugcina
ibandla lakho endleleni yeqiniso nempilo,
sengathi nathi singathembeka njalo ekugcineni izibopho zethu
zokwandisa izindaba ezimnandi zosindiso kwabanye. Amen.
Masicule:
Simoni KaJonah uyangithanda na (X3)
Yebo Nkosi yami ngiyakuthanda.

2.2 Page 12

▲back to top
10. Isigaba Seshumi Nanye:
UJesu unxusa abafundi bakhe ukuba
bashumayele ivangeli ezweni lonke
UJesu wayesethi kubo: Hambani niye ezweni lonke,
nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo,
okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kepha
ongakholwa uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso
ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami
bayakukhipha amadimoni, bashumayele ngezilimi
ezintsha, baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo,
akusoze kwaba-nangozi; bayakubeka izandla phezu
kwabagulayo, basinde. (Mark 16:15-18)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
wasiza abafundi bakho ukuba baqonde izimfihlakalo
zokufa nokuvuka kwakho.
Wase ubanika umsebenzi wokuba babe izithunywa
zethemba nabathwali
bezindaba ezimnandi zokunqoba phezu kwesono nokufa.
Njengoba sizama ukuqhuba ivangeli labo lokushumayela,
sisize ukuba sibonise ukuvuka kwakho ngendlela esiphila ngayo. Amen.
Masicule:
Thuma mina (X3) Nkosi yami
Ngiyavuma (X3) Nkosi yami

2.3 Page 13

▲back to top
12. Isigaba Seshumi Nambili:
UJesu wenyukela ezulwini
Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya,
waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.
Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa
ezulwini. (Luk.:24:50-51)
Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka,
amadoda amabili ayemikubo, embethe
izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile,
nimeleni nibheke ezulwini na?
UJesu lo, osuswekini enyuselwa ezulwini, uyakuza
kanjalo, njengalokho nibonile eya ezulwini!”
(Izenzo 1:10-11)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
isithembiso sakho soMoya Ocwebileyo kanye
nesethembiso sokuthi
uyobanathi ngasosonke isikhathi, sisigcwalisa ngentokozo.
Lapho wena nhloko usandulele khona ngodumo,
thina mzimba sithemba ukuthi sizolandela.
Njengoba uhlezi kwesokunene sika Yihlo,
sikhulekele manje, njengoba sibeke lonke ithemba lethu
kuwena Mpriste waphakade. Amen.
Masicule:
Inkos’ uJesu Kristo umhlengi wethu sonke
Usesisindisile usenyukele namhla.
Wenyuka ngobukhosi ephelezelw’ iBandla
Lababehlez’ elimbo besaboshiwe khona.
Sesivulelw’ isango lezul’ikhaya lethu;
Silungiselw’ indawo ezweni lobumnandi.
Lokuth’ uyosilanda sihlale nawe njalo

2.4 Page 14

▲back to top
13. Isigaba Seshumi Nantathu
UMariya nabaphostoli balindele ukwehla koMoya oCwebileyo
Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni
ekuthiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema,
ibanga lohambo lwesabatha.
Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni
eliphezulu, lapho bebehlala khona:
oPetru, noJohane, noTomase, noBartolomewu,
noMathewu, noJakobe kaAlfewu, noSimoni
umZelothe, no Juda kaJakobe. Bonke laba
baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye
nabesifazane, noMariya unina kaJesu,
nabafowabo. (Izenzo 1:12-14)
Asikhuleke:
Nkosi evukile,
lelidlanzana labalandeli bakho elalilindile
lithandaza ndawonye ekamelweni eliphezulu,
laliyibandla esimweni sobunye.
Sisahlangene nabobonke abacwebileyo,
Siyakhuleka ukuthi uthumele futhi izipho zoMoya oCwebileyo
kubobonke abantu ukuze kuthi ngaleyondlela ugcwalise izinhliziyo zabakholwayo
ngalokho owakufeza ngenkathi ivangeli lishumayelwa ngokokuqala emhlabeni. Amen.
Masicule:
E! Woza Moya Ocwebile, hlala kithi njalonjalo.
Khanyis’ ingqondo zethu siqonde osazisa khona.
Nguwena onguMthokozisi, isiphethu sokuphila
UMninimphefumulo, igugu nomcwebisi wawo.

2.5 Page 15

▲back to top
14. Isigaba Seshumi Nane:
Iphentekoste - uMoya oCwebileyo wehlela
kubaphostole ngesimo somlilo
Kwathi sekufike usuku lwePhentekoste, bonke
babebuthene ndawonye.
Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo
kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla;
yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo
kungathi ezomlilo;
zahlala phezu kwaloyo naloyo kubo.
Base begcwala bonke uMoya oyiNgcwele,
baqala ukukhuluma ngezinye izilimi,
wabapha njengalokho umoya ukuphimisela.
(Izenzo 2:1-4)
Asikhuleke:
Nkulunkulu Baba, siyakubonga
ngokusithumelela iNdodana yakho eyodwa,
ukuze singene embusweni wakho.
Vuthela umlilo kithina ngamandla oMoya oCwebileyo
njengoba kwenzeka kubafundi bokuqala.
Sisize ukuba izenzo zethu zibe nokulunga, sithande ngobubele,
siphinde sihambe nawe ngokuzithoba.
Sisize ukuba sibe umphakathi osebenzela isintu njengoba ulungiselela
ukuvuselela ubuso bomhlaba.
Sikucela lokhu ngoKristo iNkosi yethu. Amen.
Masicule:
Yehla Moya Ocwebile uthambise inhliziyo.
Zabo bonk’ abantu bakho balivume izwi lakho.
E! Siphethu sobungcwele sicwebise thina zoni
Sithandeke njalo kuwe Nkosi Nkulunkulu.

2.6 Page 16

▲back to top
Umzindlo wokugcina
Ziningi izibonakaliso uJesu azenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kulencwadi.
Kodwa lezi zilotshelwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristo, iNdodana KaNkulunkulu!
(Johane 20:30-31)
Nkosikazi yezulu yethaba (Regina Coeli)
Umholi : Nkosikazi yezulu yethaba, Alleluya.
Bonke : Ngoba lowo owawufanele ukumthwala, Alleluya.
Umholi : Uvukile njengoba wayeshilo, Alleluya.
Bonke : Sikhulekele kuNkulunkulu, Alleluya.
Umholi : Thokoza wethabe Virigo Mariya, Alleluya.
Bonke : Ngoba iNkosi ivukile impela, Alleluya.
Asikhuleke
Nkosi Nkulunkulu wena owathanda ukuthokozisa
Umhlaba ngokuvuka kweNdodana yakho uJesu Kristo,
Sense ukuba kuthi ngeVirigo uMariya, sithole intokozo
Yokuphila kwaphakade, ngoJesu Kristo iNkosi yethu.
UMdwebi (The artist)
Ubaba uFata Pierre de la Croix, umpriste wase Fulansi, ochithe impilo yakhe eningi eAfrika,
unesiphiwo esimangalisayo sokufaka amasiko evangelini ngemidwebo.
Uyaziwa kakhulu ngemidwebo eyenziwa ngokupenda ingilazi kanya nangobungcweti bokuhlobisa
ngezinhlamvana zamatshe amibalabala.
Usehlobise umasonto amaningi ikakhulukazi eRwanda kanye naseGoli.
Le ndlela yokukhanya yimizamo yakhe yokuchasisa ngemifanekiso leso naleso sigaba. Izithombe
zakha umphakathi wase Ningizimu Afrika.
Abafundi bakaJesu abansundu nabamhlophe bahlanganisiwe ngamabomu ukuze batshengise ubuso
obubonakala busebusha ngaphandle kokukaPetru.
Indlela Yokukhanya (Via Lucis background)
Indlela yonqamulezo, inezigaba ezingamashumi amane esikhathi sokugcina sempilo kaKristo
esingamahora ayishumi nambili; ingumthandazo okade waqala ebandleni.
Ingumthandazo ofanelekile ngesikhathi sokuhlawula.

2.7 Page 17

▲back to top
Kepha ngesikhathi sePhasika lapho imiqondo yethu ibheke ekuvukeni kukaJesu, indlela
yonqamulezo ayihambisani nokwenzekayo.
Ngakho-ke eminyakeni emibalwa eyedlule le ezweni lase Ntaliyane umpriste wama Salesian, uBaba
Sabino Palumbieri, waholwa uMoya oCwebileyo ukuba aqhube umthandazo wesikhathi
sokuhlawula awuqhubezele emthandazweni wangesikhathi sokuvuka;
washitshanisa isikhathi sokuhlupheka nokufa kuka Kristo ngezehlakalo ezenzeka kusukela ngelanga
lokuvuka kuze kube ngesikhathi sokwehla koMoya oCwebileyo wehlela kubapostoli
ngePhentekhoste.
Akuphelanga sikhathi ingcweti kwezemidwebo uGiovanni Dragoni wathatha lo mbono kaBaba
uSabino wawuqopha egodweni wenza izindle ezingamashumi amane.
Ukuqala kokwaziwa kwendlela yokukhanya kwaba ngenkathi ibusiswa ngesonto lePhasika lonyaka
ka1994 egqumeni lase Becchi, lena indawo lapho kwazalwa khona uJohn Bosco.
Lo mthandazo usubenesasa elikhulu eNtaliyane kodwa ubungaziwa kwezinye izindawo.
Kuthe ngonyaka ka 1997 abaphathi bentsha base Bosco Youth Centre, eGoli, banquma ukuthi
kungaba isu elihle ukuba usungulwe nakuleli.
Ngaleyo ndlela kwase kuthintwa ingcweti kwezokudweba ukuba yenze imifanekiso yezinkundla
ezingamashumi amane.
Indlela, yokukhanya ihlose ukuphakamisa ubunjalo bempilo nenjabulo yomsindisi ovukile
konembeza bamakholwa. Njengendlela yonqamulezo, indlela ewuhambo oluphokophele ezulwimi.
Uma uhambo lwempilo yobuKristo ingehlukaniswa nesiphambano, indlela yokukhanya
isikhumbuza ukuthi isiphetho sayo yintokozo yePhasika! Le ncwajana ke izosiza ekuletheni
leyontokozo.
Indlela Yokukhanya
Ukuthandazwa kwezigaba ezingamashumi amane zendlela yonqamulezo kuwumkhuba
owawenziwa kudala enqubeni yamaKristo.
Izigaba eziyi14 zendlela yokukhanya ezihambisana nevangeli akusikhathi esinganani yaqala, lezi
zigaba zisiza ekuthuthukiseni indlela eNgcwele kusukela ekuvukeni kukaKristo kuzekufika lapho
kwehla uMoya ocwebile.
Kunezincwadi eziningi ezisiza ukuzindla ngendlela yonqamlezo, kodwa kuncane kakhulu
okubhalwe ngendlela yokukhanya.
Le ncwadi ihlose ukusiza amakholwa ukuba azi kagcono futhi athandaze Indlela Yokukhanya.
Sinethemba ke ukuthi lo mthandazo uzokhula futhi ubhebhetheke ezweni lonke.