DB Preventive system Zulu


DB Preventive system Zulu

1 Pages 1-10

▲back to top

1.1 Page 1

▲back to top
Fr Sean Murphy, SDB
1

1.2 Page 2

▲back to top
INDLELA kaJOHN BOSCO OYINGCWELE YOKUSEBENZELA
ABANTWANA NABASHA. (1)
Kungani ukuthi uJohn Bosco akhetha lendlela yokusebenzela abantwana
nabasha?
Izehlakalo ezimbili ezilandelayo ebuntwaneni bakhe zamfunzelela.
Ulwazi lwakhe ngendlela abapriste nabadala ababephatha ngayo
abantwana nabasha.
Iphupho noma umbono abenawo engumfana oneminyaka
yesishiyagalolunye.
ISEHLAKALO SOKUQALA
UJohn Bosco, uma enemiyaka eyisishiyakalolunye, ubehamba nonina
endleleni eya ekhaya ntambama. Umpriste othile ubehamba ngaleyondlela
futhi.
Uma esondela, uJohn Bosco wabingelela umpriste ejabulile.
Kodwa umpriste wadlula ethulile.
UJohn Bosco wathi kunina: “Mama, akazange angibingelele.”
Unina waphendula wathi kuye: “Mntanami, abapriste banemisebenzi eminingi.
Abanaso isikhathi sokunaka abantwana.”
UJohn waphendula wathi: “Kodwa uJesu abenesikhathi sokunaka abantwana.
Uma sengumpriste ngizobanesikhathi sokunaka abantwana.”
Unina wamamatheka kuphela, ecabanga: Kungenzeka ukuthi umntanami
abe ngumpriste. Uhlakaniphile, uthanda ukuthandaza nokufunda
ikhathekhisimu. Kepha anginamali yokumngenisa esikolweni.”
ISEHLAKALO SESIBILI
IPHUPHO LIKAJOHN BOSCO ENGUMFANA ONEMINYAKA
YESISHIYAKALOLUNYE.
Sithola umthombo webizelo likaJohn Bosco embonweni abenawo engumfana
oneminyaka yesishiyagalolunye.
Kulombono uJohn Bosco ubedlala nesixuku esikhulu sabantwana nabasha
ebaleni eduze nesekhaya.
Abanye babedlala, abanye babexoxisana kodwa cishe bonke babeziphatha
kabi. Babelwa. Babeqalekisa. Babekhumluma amazwi amabi, babedelelana.
UJohn Bosco wazama ukukhawulisa ukuziphatha kwabo okubi ngokulwa nabo
nangokubashaya ngezibhakela nangenduku.
2

1.3 Page 3

▲back to top
Yase indoda ibonakala kuye. Ubuso bayo bebukhanya kangangokuthi
ubengakwazi ukuyibuka. Yabiza uJohn Bosco ngegama lakhe, yamtshela
ukuthi ahole, aqondise labobantwana nabasha yathi:
“Uzobenza labobantwana abangane bakho hayi ngokubashaya ngezibhakela
nokulwa, kodwa ngomusa nobunene. Ngakho-ke qala manje ukubakhombisa
ukuthi ububi abulungile ngokuthi ukuziphatha okuhle kulungile.
UJohn Bosco wathi kuyo: “Ngingumfana nje. Kulukhuni ukuqondisa
lababantwana.”
Lendoda yathi kuye: “Okubonakala kungathi kulukhuni ufanele ukukwenza
ngomusa nobunene nemfundo.”
UJohn Bosco waphendula wathi kuyo: “Ngizokwenza lokhu kanjani”
Lendoda yathi kuye: “Ngizokunika uthishela ozokufundisa indlela yokufeza
lokhu.”
John Bosco wabuza wathi:
“Wena ungubani.”
Indoda yaphendula yathi:
“Mhlawumbe awungazi. Kodwa uyamazi umame wami.”
Yase ivela inkosikazi, yathi kuJohn:
“Bheka lokhu engizokwenza.”
Yaqala ukukhulumisa labantwana nabasha ngomusa.
Nabo bayekela masinyane ukuziphatha kwabo okubi.
Yase ithi kuJohn Bosco: “Ufanele ukusebenzela abantwana nabasha ,
ubaqondise kuJesu iNdodana yami.”
Leyondoda naleyonkosikazi babenguJesu nonina wakhe uMaria.
Bathi kuJohn Bosco:
“Sifuna ukuthi uzinikele ekusesebezeleni abantwana nabasha hayi
ngokubashaya ngezibhakela nokulwa nabo, kodwa ngomusa
nangothando nangokubafundisa imithetho kaNkulunkulu.”
Kusukela kulesosikhathi uMaria, unina kaJesu, waqondisa uJohn Bosco
ekuphileni kwakhe konke nasemisebenzini yakhe yonke ngenxa yabantwana
nabasha.
Kusukela kulesosikhathi uJohn Bosco akakhohlwanga lowombono nalelobizelo,
walungisela ibizelo lakhe ngomdlandla nokuqiniseka nokuthembeka, noma
ehlangana nezinkinga nezivimbelo eziningi ekuzilungiseleleni kwakhe ukuba
umpriste.
INDLELA YESIJEZISO NEMBANDEZELO NOVALO
Indlela evamile yemfundo ngesikhathi sikaJohn Bosco yabizwa ngokuthi:
INDLELA YESIJEZISO NEMBANDELELO NOVALO.
Isisekelo salendlela yilesi esilandelayo:
3

1.4 Page 4

▲back to top
Imithetho imenyezelwa obala.
Isijeziso sokungagcini imithetho simenyezelwa obala.
Ukungagcini imithetho kujeziswa.
Izisekelo zalendlela yilezi:
Izinsongo.
Uvalo.
Izijeziso.
Abadala abanegunya phezu kwabantwana nabasha
bafanele ukukhombisa njalo njalo ubuso obunonya
nobusongelayo, bangabi nobudlelwane nalabo
ababasebenzelayo.
Lendlela ilula kubothishela nalabo abanegunya phezu
kwabantfwana nabasha; futhi-ke ayinankathazo kubo.
Esengumfana uJohn Bosco akathandanga lendlela yokuphatha
abantwana nabasha. Abengajabuli ngokudonda kwabadala ukuba
nobudlelwane nabantwana nabasha.
INDLELA kaJOHN BOSCO YOKUSEBENZELA ABANTWANA NABASHA.
Indlela kaJohn Bosco beyingasiyo indlela ehleliweyo ngaphambi kokuthi
aqala ukusebenzela abantwana nabasha.
Beyiyisithelo sokukholwa kwakhe ukuthi yilowo nalowo muntu
unesithunzi esikhulu esijulile sokudalwa ngokomfanekiso kaNkulunkulu
nesolwazi lwakhe lokusebenza nabantwana nabasha.
Isisekelo sendlela yakhe yilesi esilandelayo:
UNkulunkulu uluthando.
Uthando olungenamkhawulo uNkulunkulu athanda ngalo yilowo
nalowo muntu.
UNkulunkulu wadala abantu ngomfanekiso wakhe.
Ngakho-ke wabadalela ukuphila kothando.
UJesu yisibonakaliso saloluthando lukaNkulunkulu.
Uthando oluyilo lusho ukuthi ukudela ukuphila ngenxa yabanye.
UFrancis de Sales (1567-1622) wasekela phezu kothando nomusa
imisebenzi yakhe yonke yokukhuthaza amakhatholika ahlubukile
eBandleni eliKhatholika angenile emabandleni amanye ukuthi
babuyele eBandleni eliKhatholika. Noma ahlaselwa, adelelwa,
aphikiswa, aphathwa ngendluzula, waqhubeka nalomsebenti
wakhe ngomusa nangothando. Wanceda abaningi ukuthi
babuyele eBandleni eliKhatholika.
4

1.5 Page 5

▲back to top
UJohn Bosco (1815-1888) bemazi uFrancis de Sales ngekufunda
ngaye ezincwadini.
UJohn Bosco wathanda isibonelo sikaFrancis de Sales, wakhetha
ukumlingisa emisebenzini yakhe.
UJohn Bosco wasekela umoya wakhe nendlela yakhe
yokusebenzela abantwana nabasha phezu kothando nomusa.
Indlela kaJohn Bosco yenqika phezu kwezisekelo ezintathu ezilandelayo:
Inqondo (ukuxoxisana)
Ukholo.
Uthando nomusa.
Indlela yakhe ithinta inqondo.
Indlela yakhe ithinta inhliziyo.
Indlela yakhe ithinta ukulangazela komuntu ukwazi nokudumisa
uNkulunkulu.
UJohn Bosco wahlala nabantwana nabasha kuOratory, eTurin, Italy,
enyakeni wa-1841, waphila nabo ngesimo sokuphila esabanceda
ukukhula kahle emoyeni nasemizimbeni nasemfundweni.
Wabiza lolulwazi lwakhe INDLELA YOKUVIMBELA.
Ngobukhona bakhe obugcwele uthando nomusa nokunakekela uJohn
Bosco wavimbela abantwana nabasha bakhe ukuwela ezilingweni
nasebubini.
UJohn Bosco wasishiyela indlela yokuziphatha neyokumemezela
iVangeli neyokusebenza kanye nabantwana nabasha, ebasiza ukuthi
bakhule njengabantu abalungile nabafundi abayibo bakaKristo.
Indlela yakhe ifanele:
kuthinta ngokuphelele ukukholwa kwethu kuNkulunkulu.
kuthinta ngokuphelele ubudlelwane bethu bonke nabanye abantu.
kuthinta ngokuphelele indlela yethu yokuphila emphakathini
ngothando olukwazi ukudonsela abanye othandweni.
Lomphakathi ungaba:
umphakathi wezindela.
umphakathi womndeni.
umphakathi wesikolo.
umphakathi wabasha.
Umphakathi wamakholwa
umphakathi emsebenzini.
5

1.6 Page 6

▲back to top
Indlela yokuvimbela kaJohn Bosco isho ukuthi:
ukuhlala phakathi kwabantwana nabasha ngobukhona
obuthandekayo.
ukubazi kahle.
UJesu wathi: “Umalusi olungile uyazazi izimvu zakhe, azibize
ngamagama azo.”
ukwazi imindeni yakubo nesimo sokuphila kuyo.
ukwazi izinkinga nobunzima nezinkathazo zabo.
ukwazi amasiko abo.
Indlela yokuvimbela kaJohn Bosco yindaba yenhliziyo:
Sidinga ukufunda nokwaneliswa ukuthi sibe khona phakathi
kwabantwana nabasha ngobukhona obugcwele uthando nomusa,
nokwamukela ukuzinikela okudingekayo ukuze senze njalo.
Sifanele ukuqonda ukuthi impilo eyiyo yebuntu idinga ukuzinikela
ngenxa yabanye, idinga ukudela ukuphila ngenxa yabanye.
UJohn Bosco wakhuthaza abantwana nabasha bakhe ukudlala,
ukugijima, ukutshekula, ukucula, ukwenza konke esikhundleni
sokwenza izono, naye wabaphakathi kwabo
kulobobukhuphekhuphe bonke nakulowomsindo wonke.
Abanye abapriste babecabanga ukuthu uJohn Bosco uluhlanya.
Babefuna ukumgenisa esibhedlela sezinhlanya.
Kodwa ukuziphatha kahle kwakukhona.
Kwakukuziphatha okwavela othandweni.
Bebazi ukuthi uJohn Bosco ubebathanda nokuthi ubengumngane
wabo .
Ngakho-ke, babethokozela ukumlalela.
Indlela yokuvimbela kaJohn Bosco isho ukuthi:
ukusebenza kanye nabantwana nabasha nokubasebenzela.
ukubanika isabelo ekufezeni ikusasa labo.
ukuhlonipha isithunzi sayilowo nalowo wabo.
ukuqonda ukuthi yilowo nalowo ungumntwana kaNkulunkulu.
ISISEKELO SOKUQALA SENDLELA SOKUVIMBELA INGQONDO
UKUXOXISANA.
UJohn Bosco usikhombisa ukuthi uma siphatha abantwana nabasha
ngengqondo, sibafunzelela ukucabanga ngokuphila kwabo.
Sibakhuthaza ukuzindla ngenkambo yabo nangokuziphatha kwabo.
6

1.7 Page 7

▲back to top
Sibeka phambi kwabo inselele yokwamukela isibopho ngokuphila kwabo.
Siyabamukela ebunjanini esibathola kubo, kodwa sibeka phambi kwabo
inselele yokukhula ukuze babe abantu abalungileyo namakholwa
athembekileyo.
IZELULEKO EZINGANCEDA EKUPHILENI KWEZINSUKU ZONKE.
Lezizeluleko zingasisiza ukuthi siphathe ngengqondo abantwana nabasha.
1. Chazela abantwana nabasha isisusa sakho sokwenza lokhu okwenzayo.
Ungacabangi ukuthi bazoqondisisa masinyane izisusa zakho
zalokhu okwenzayo.
Ubancede ukwamukela lokhu okucela kubo ngoba babona ukuthi
kuhle, hayi ngoba besaba isijeziso.
2. Yethula ngokukhanyayo imithetho yakho.
Kaningi abantwana nabasha beqa imithetho ngokungacabangi.
Thatha isikhathi sokubachazela ukuthi ubhekani kubo.
Abantwana nabasha bakhohlwa ngokushesha. Ubakhumbuze
kaningi
3. Ubanike imithetho elula ukuze bayikhumbule kalula.
Kulukhuni ukukhumbula uhlu olude lwemithetho.
Uhlu olude luhlupha abantwana nabasha, lubanga isibhongo.
Imithehto mayibe lula.
4. Zama ukuqondisisa lokhu okwenzayo ezinhliziyweni nasezinqondweni
zabo.
Bayakhula emzimbeni nasemoyeni.
Bayazama kakhulu ukuzazi.
Badonswa kakhulu ngesibonelo sabanye abantwana nabasha.
Bayazama ukukhululeka nokuzimela ngaphandle kwabantu
abadala.
Bafunisisa labo abangabalingisa.
5. Lokhu okucela kubo kufanele ukuqondakala.
Kufanele kungabi lukhuni kakhulu.
Kufanele kungabi okunobulima.
7

1.8 Page 8

▲back to top
Bafanele ukuqondisisa ukuthi awuphindiseli.
6. Yiba khona endaweni yakho ngaphambi kokuba abantwana nabasha
bafike.
Lokhu kungavimbela ubucakacaka obukhulu.
Yiba khona eklasini, ebaleni, eholeni, ndawo zonke ngaphambi
kwabo, noma ubaphelekezele lapho beya khona.
7. Yiba nabo ngesikhathi sonke ofanele ukuba nabo ngaso. Fika
ngesikhathi; ungabashiyi kuze kube omunye athathe indawo yakho.
8. Zama ukuqondisisa ulwazi abanalo ngokuphila kwabo.
Abantwana nabasha bathanda ukukhuluma ngolwazi lwabo.
Uma uqonda ubunjani babo bamanje nethemba labo ngekusasa
labo, kungabasiza ukusebenzisana nawe.
9. Zama ukuzazi iziphiwo ezinhle abanazo, ubancede ukukhula emoyeni
ngazo.
Abantwana nabasha bathanda ukuthi sibheke iziphiwo zabo
ezinhle kunokuthi sibheke ubuthakathaka babo namacala abo.
Ngokuqala ngeziphiwo ezinhle abanazo nalokhu abakwazi
ukukwenza kahle, ungabasiza kangcono ukuthi bazi
ubuthakathaka babo namacala abo nokuthi baqonde isidingo
sokuwanqoba.
10. Ubanike amathuba ukuhlanganyela emisebenzini.
Uma kungenzeka zama ukunika abantwana nabasha ithuba
lekuhlanganyela ekulungiseleni nasekufezeni imisebenzi yonke.
Uma behlanganyela ekulungiseleni nasekufezeni imisebenzi ,
bangasebenzisana kangcono nawe.
Ngokuhlanganyela ekulungiseleni nasekufezeni imisebenzi
bazofunda amakhono amasha.
11. Zama ukubeka phambi kwabo izinhloso eziphakeme, ubasize
ukufunda okunye ngakho konke abakwenzayo.
12. Ubakhuthaze ukubuza imibuzo nokwethula iziphakamiso.
Abantwana nabasha bayazi ukuthi ngesinye isikhathi imibuzo
yabo ayamukeleki.
8

1.9 Page 9

▲back to top
Kaningi abadala abathandi ukuthi abantwana nabasha bethule
iziphakamiso.
Ubameme ukubuza imibuzo nokwethula iziphakamiso.
Ngesinye isikhathi iziphakamiso zabo zingaba ngcono kunezakho.
13. Ungalungisi iziphosiso zabo phambi kwabanye.
Kungcono ukulungisa iziphosiso ngasese.
Ukulungisa iziphosiso phambi kwabanye kungaphoxa umuntu,
kungabanga isibhongo.
14. Uma ufanele ukujezisa, yenza ngendlela eqondekayo.
Uma abantwana nabasha bethemba umqondisi wabo, izijeziso
azidingeki kaningi.
Kaningi kwenele ukukhombisa ukuthi udumazile.
Isijeziso somzimba asivunyelwa nakancane.
Jezisa uma uthulile, hayi uma unolaka.
Khombisa obala ukuthi awuphindiseli.
15. Ncoma esikhundleni sokukhuza.
Uma uncoma abantwana nabasha bakho, bazokwazi ukuthi
uyabahlonipha. Lokhu kungabasiza ukwamukela izeluleko zakho
kalula.
Akusiyo indaba yokudela ukulungisa iziphosiso, kodwa yindaba
yokubona futhi izinto ezinhle zezimo zabo neziphiwo zabo.
16. Ubakhuthaze ukuhlaziya izindaba kanye kanye nokwabelana
ngalokho abakufundile.
Ekugcineni kwelanga elihle nome elibi, impumelelo noma
isehluleko, ubameme ukuthi bahlaziye lokho abakwenzile, nokuthi
babelane ngalokho abakufundile.
Ngokwenza njalo ubanceda ukufunda ngezimpumelelo zabo
nengezehluleko zabo nangeziphosiso zabo.
Uma befunda kanye kanye, bonke bafunda kangcono.
17. Ubasize ukuthuthukisa amakhono okucabanga.
Abantu abadla abaningi bajwayele ukunika abantwana nabasha
ulwazi lwabo ngezimo nezehlakalo nezindaba.
Uncede abantwana nabasha ukuthuthukisa amakhono
okucabanga ukuze bafumane imikhankanyo yabo.
Badinga ukuthuthukisa lamakhono ngenxa yekusasa labo.
9

1.10 Page 10

▲back to top
Qonda futhi ukuthi uma bethuthukisa lamakhono abo bangasola
izeluleko zakho.
Ngesinye isikhathi uzodinga ukubasiza ukuqonda ukuthi
imikhankanyo eminye yabo iphambene nesithunzi sobuntu
nezimfundiso zeVangeli.
Siza abasha labasilisa ukuqonda ukuthi izinhlobo zonke
zekuhlukanyezwa nendluzula nelunya ziphambene nobudoda
obuyibo.
Sita abasha abesifazane ukuqonda sithunti sabo nekuzimisela
nokusho ‘QHA’.
18. Yethula izinkinga zakho kulabo abasebenzisana kanye nawe.
Yilowo nalowo unolwazi nengqondo nemikhankanyo engakunceda.
Ungezwa ubuhlungu uwedwa, uthulile.
19. Xwaya ukuphangabula.
Zama ukuba nesimo esingaguqukiyo njalo njalo.
Iqembu labothishela malibe nendlela eqondekayo yokuphendula
ezimweni zonke nokuziphatha okulungileyo ezimweni zonke.
Uma yilowo nalowo enemathemba ehlukene nokuziphatha
okwehlukene nezindlela ezehlukene yokuphendula, abantwana
nabasha bazodideka.
20. Uziphathe ngendlela eqondekayo.
Ungazami ukwenza okudlula amandla akho.
Ungesabi ukucela usizo.
Phumula uma ukhathele.
Kulukhuni ukuba phakathi kwabantwana nabasha ngobukhona
obugcwele uthando nomusa uma ukhathele.
UKUXOXISANA
1. Yiziphi izeluleko ezisiza wena uqobo?
2. Uma uzindla ngalemisebenzi esiyenzayo nangendlela esiyenza ngayo,
ingabe na kukhona izinto ezithile ezingaqondeki. Yiziphi?
10

2 Pages 11-20

▲back to top

2.1 Page 11

▲back to top
INDLELA kaJOHN BOSCO YOKUSEBENZELA ABANTWANA NABASHA
(2)
ISISEKELO SESIBILI SENDLELA YAKHE WUKHOLO.
1. Ukholo luyini?
Ngokuvamileyo uma sikhuluma ngokholo nangobudlelwane
bomuntu noNkulunkulu siyacabanga ngemfundiso yobukristo
nezinkonzo nemikhubu eyisigaba sezinkolo zonke.
Lezizimpawu ezibonakalayo zokholo zimqoka, ziyadingeka futhi,
ngoba singabantu abanomzimba nomoya, zikhombisa ngendlela
ebonakalayo ukholo olukhona ekujuleni komoya womuntu.
Kodwa ukholo alusizo izinto ezibonakalayo kuphela.
Ngaphambi kwakho konke ukholo lukhona ekujuleni komoya
womuntu.
Ukholo lukhona ekujuleni kwenhliziyo yomuntu, ngoba
kulowo nalowo muntu kukhona ukulangazela okujulile
kwaNkulunkulu.
Ukholo lusho ukuthi ukubona ubukhona bukaNkulunkulu
kokudaliweyo konke nasekuphileni kobuntu nasemlandweni
wobuntu.
Ukholo lusho ukuthi ukumazi uNkulunkulu njengoMdali noMsindisi
wethu nokuphila ekukhanyeni kwalolwazi nokuqondisa ukuphila
kwethu kwamalanga onke ngendlela ehambelana nalolukholo.
Ukholo oluyilo ludlula izinkonzo ezibonakalayo.
Ukholo luyazibonakalisa futhi ngezehlakalo zelanga ngalinye.
Kaningi izehlakalo zobuntu zingasinika ulwazi
ngoNkulunkulu. Ngalolwazi abantu bakwazi ukubhekana
nezimfihlakalo eziningi ekuphileni kwabo izifo, ubuhlungu,
impumelelo, ukwehluleka, izinselelo ezivelayo ekuphileni
kwayilowo nalowo muntu, njalo njalo.
Ngalendlela ukholo lufuna ukukhulula umuntu enkambisweni
engenanjongo, enkambisweni ephelelwa yithemba, enkambisweni
engenakulunga, enkambisweni engenasibopho, enkambisweni
engenokuzinikela. Ukholo lunika ukuphila kobuntu inhloso
ethelayo izithelo ezilungileyo.
2. UJohn Bosco nokholo.
11

2.2 Page 12

▲back to top
UJohn Bosco wasungula indlela yakhe yokusebenzela abantwana
nabasha ezisekelweni ezintathu: ingqondo (ukuxoxisana), ukholo
nothando nomusa.
Lezizisekelo ziyahambelana.
Ukholo lufanele ukuthinta ingqondo nothando nomusa,
ukuze ziqondiswe kangcono. Nengqondo nothando nomusa
zifanele ukuthinta ukholo.
Ngakho-ke, endleleni kaJohn Bosco ukholo lunesisindo
lesikhulu.
UJohn Bosco abenelisekile ukuthi osebenzelayo abantwana
nabasha ufanele ukufunzelelwa ngothando oluvela othandweni
olungenamkhawulo lukaNkulunkulu nasesibonelweni sikaJesu
naseVangelini lakhe.
UJohn Bosco abenelisekile ukuthi ngalendlela eyodwa
uthando lungakhula oludlula ubungane olufudumele
nozwelo.
Ngaloluhlobo lothando osebenzela abantwana nabasha
uzoqonda isithunzi esikhulu sayilowo nalowo phambi
kukaNkulunkulu, ahloniphe imfihlakalo yokuphila nekusasa
lakhe.
Ingqondo ifanele ukuqoniswa ngokholo.
Ngombono kaJohn Bosco imfundo ingumsebenzi osekelwa
phezu kothando lukaNkulunkulu, odonselayo abantu
kuNkulunkulu.
Ukuziphatha okulungileyo uJohn Bosco owakudala
kuOratory bekuyisithelo sokholo.
Wanelisa abantwana nabasha bakhe ukuthi yilowo nalowo
wabo wadalwa ngokomfanekiso kaNkulunkulu.
Kulokukholwa kwavela ukuzihlonipha nokuhloniphana
okujulile.
Uma isivakashi sikaHulumende wakaEngland savakasha
iOratory, eTurin, sabona ukusebenzelana nokuziphatha
okuhle phakathi kwabantwana nabasha bakaJohn Bosco
eOratory, sabuza simangele ukuthi kwakwenzeka kanjani,
UJohn Bosco wamtshela ukuthi izifundo zokholo nokuzigcina
zazinamandla amakhulu emfundweni. UJohn Bosco wathi
kuso: “Yindaba yokholo noma yesijeziso.”
12

2.3 Page 13

▲back to top
3. Ukugcinwa kokholo eOratory.
Ukugcinwa kokholo eOratory kwathinta konke obekwenziwayo kuyo,
kwathinta imisebenzi yonke, kwakhonjiswa ngezindlela ezehlukene.
Singasho okulandelayo.
Inkambiso leqondiswa ngelukholo.
Bonke ababefundisa abapriste, othishela nabasizi bonke -
babezama ukuphila inkambo elungileyo.
Imifanekiso neziphambano nezithombe nemavesi
akhuthazayo zabekwa ezimbondeni.
UPhapha uPaul VI wathi impumelelo kaJohn Bosco
bekuyileyi: UJohn Bosco wethula abantwana nabasha bakhe
kuNkulunkulu hayi ngomnyango wesonto kuphela, kodwa
nangomnyango weshabhu nekilasi nangomnyango
wenkundla yokudlala.
Izigaba zonke zokuphila zabonwa ekukhanyeni kwezimfundiso
zikaNkulunkulu.
Babekwenta konke eOratory ngokulandela ukukhanya
kwezimfundiso zikaNkulunkulu nangokumsebenzela.
UJohn Bosco wagcizelela ubukhona obuthandekayo
bukaNkulunkulu, nempendulo yokulalela nothando
kulobukhona bakhe obuthandekayo.
Lokho kwakungumthombo wentokozo eyayikhona eOratory.
Umgomo wayo bewungulowo: “Sebenzelani uNkulunkulu
ngentokozo.”
Ukufundiswa kwekhathekhisima.
Abantwana nabasha bafundiswa ukholo olukhatholika.
Bafundiswa phakathi kweviki esikolweni nangamaSonto
phambi noma emva kweMisa.
Kwelekelelwa ngokugubha amanovena nokugcina izinkonzo
zezinyanga ezehlukene.
Imikhubu yokholo.
Babethandaza ekuseni nasekusihlwa, phambi nasemuva
kokudla, phambi nasemuva kwamakilasi, phambi nasemuva
kwemisebenzi. Inkonzo yeMisa yagujwa ngelanga ngalinye.
Babefumana amathuba okuhlonipha uMaria nabacwebileyo.
AmaSakramente.
13

2.4 Page 14

▲back to top
UJohn Bosco wakhuthaza kakhulu ukwamukelwa
kweSakramente lokuvuma neSakramente eliyiNgcwele cwe
laselathini, ukuze badale, bajulise ubudlelwane noJesu.
Ngesinye isikhathi abevumisa ebaleni. Abantwana nabasha
babeshiya imidlalo, baya kuJohn Bosco ukuvuma eceleni.
Ukuzinikela emsebenzini wokumemezela uJesu.
UJohn Bosco wasungula izinhlangano eOratory ukuze
ancede abantwana nabasha ukusebenzela uNkulunkulu
nabantu phakathi kweOratory nangaphandle kwayo.
Wafuna ukuthi abantwana nabasha bakhe babe abaphostoli
phakathi kwabanye abantwana nabasha.
Ukuzamela ubungcwele.
UJohn Bosco wagcizelela ukuthi bonke babizelwa
ebungcweleni nokuthi yilowo nalowo angaba oyingcwele.
Ubungcwele buyini?
Ubungcwele bungukuphila okugcwele uthando.
UJohn Bosco wanelisa abantwana nabasha bakhe ukuthi
kwakulula ukuba abayingcwele ngokwenza imisebenzi
evamileyo yelanga ngalinye ngokunakekela, bakhombise
uthando kuNkulunkulu ngayo.
4. Ubungcwele babasha.
Ubungcwele yindlela yokugcina ukholo.
UJohn Bosco wadala ubungcwele babasha.
Lobungcwele bebunenhloso yokusiza abantwana nabasha
ukubona ukuthi ukholo lwabo lufanele kubonakala ekuziphatheni
kwabo kwamalanga onke.
Izihloko ezilandelayo zibufinyeza.
Ubungcwele kwamalanga onke.
Sihlangana noNkulunkulu emisebenzini esivamile
ukuyenza ngalelo nalelo langa.
Sihlangana noNkulunkulu kulabobantu esihlangana
nabo ngelanga ngalinye.
Sidala, sijulise ubudlelwane bethu noNkulunkulu
ngokuqonda ubukhona bakhe obuthandekayo
14

2.5 Page 15

▲back to top
ekuphileni kwethu kwemihla yonke nasebudlelwaneni
bethu nalabobantu esizungelezwe yibo mihla yonke.
Ubungcwele bentokozo nethemba.
UJohn Bosco wanceda abantwana nabasha bakhe ukuthi
bakhuthele ekwenzeni imisebenzi evamileyo yezinsuku
zonke njengezifundo, imithandazo, imidlalo, nezimfanelo
zonke, ngentokozo.
Wakhuthaza ubukhuphekhuphe, imidlalo, ukugijima,
ukutshekula, ukuthokoza; naye wabekezelela kulowomsindo
nakulobobukhuphekhuphe bonke eOratory.
Ubungcwele obunobudlelwane noJesu.
UJohn Bosco ubesiza abantwana nabasha bakhe ukuthi
baqonde ubumqoka bobukhona bukaJesu enkambweni yabo
yamalanga onke nokujulisa ubudlelwane babo noJesu,
ongumngane nothishela noMsindisi nomthombo wokuphila
kwabo.
Ubungcwele obuphilwa emphakathini wamakholwa.
Ukholo oluyilo lobukristo lusho ukuthi ukubakhona
emphakathini wamakholwa oyiBandla.
Emphakathini wamakholwa siyakhula ebungcweleni
ngamaSakramente nangobunye bethu namanye
amakholwa nangokuhlanganyela emisebenzini
yomphakathi.
Umuntu ngumuntu ngabantu.
Umfundi wakaJesu ungumfundi wakaJesu ngabafundi
bakaJesu.
Futhi-ke emphakathini wamakholwa sifumana uMaria,
uNina kaJesu noNina womphakathi, osandulelayo,
osiphelekezelayo, osifunzelelayo ohambweni lwethu
lokholo.
Ubungcwele bokuzinikela.
Ukuzinikela okuthobileyo yinhliziyo yokholo oluyilo.
Umphostoli uJohane wathi: “Sesiyaluqonda uthando
oluyilo ngalokhu: kokuthi uJesu wadela ukuphila
kakhe ngenxa yethu; nathi-ke ngasidela ukuphila
kwethu ngenxa yabazalwane.
(1 Johane 3:16)
15

2.6 Page 16

▲back to top
Ukuphila kwethu kokholo ngukuzamela ukunqoba
ukuzithanda ngokweqile, ukuze sidele ukuphila
kwethu ngenxa yabanye.
Ukuzinikela kuvela othandweni oluyilo.
Ukuzinikela kufanele ukuba uphawu olubonakalayo
lokholo lwethu lobukristo.
16

2.7 Page 17

▲back to top
Indlela kaJohn Bosco yokusebenzela abantwana nabasha (3)
Uthando nomusa yisisekelo sesithathu sendlela kaJohn Bosco yokusebenzela
abantwana nabasha.
Lesisisekelo simqoka kakhulu endleleni yakhe.
Uthando nomusa kusho ukuthi ubudlelwane bothando phakathi
kwabantu.
Isisekelo nomthombo walobudlelwane wuthando lukaNkulunkulu.
Umqondisi uthanda abantwana nabasha ngothando olufanayo nalolu
uNkulunkulu abathandayo ngalo.
Uthando lufanele ukubonakala nokuzwa.
UJohn Bosco wathi: “Akwenele ukuthanda abantwana nabasha. Kumele
bazi ukuthi bayathandwa.”
Imfundo yindaba yenhliziyo, hayi ngengqondo kuphela nje.
Ngalamanye amazwi ukuthembana kuyadingeka kakhulu emsebenzini
wemfundo.
Ukuthembana kuvela othandweni.
Uthando luvela ebunganini.
Ubungani buvela ebukhoneni.
Ubukhona bufanele ukubonakala ngezimpawu nezenzo.
Nceda abantwana nabasha ukuqonda isithunzi sabo nokuthuthukisa
ukuzihlonipha.
Beka izinhloso phambi kwabo, ubakhuthaze ukunqoba ubuthakathaka
babo.
Zama ukudala isimo esinceda imfundo.
Dala isimo esigcwele intokozo, imidlalo, ukubambisana nobuntu obuyibo.
Dala isimo lapho abantwana nabasha bangakhula khona, babe abantu
abalungileyo.
Dala isimo lapho bangaphila khona sengathi basemindenini.
Dala isimo esigcwele ukuthembana.
UJohn Bosco wathi: “Imfundo yindaba yenhliziyo.”
Imfundo ayisiyo indaba yokuphumelela ekuhlolweni kuphela nje.
Imfundo eyiyo isho ukufundisa indlela eyiyo yokuziphatha.
Ukufundisa indlela eyiyo yokuziphatha kusiza bantwana nabasha
ukudala ubudlelwane obuthandekayo, ubudlelwane obunakekelayo,
ubudlelwane obungafuni ukusebenzisa abanye ngenxa yosizo lwabo.
Ubudlelwane obuyibo bobuntu bungeke budalwe uma omunye ephatha
omunye sengathi uyinto nje engasetshenziswa ngenxa yosizo lwakhe.
Inkululeko iyadingeka kakhulu ebudlelwaneni obuyibo bobuntu.
17

2.8 Page 18

▲back to top
Inkululeko iyadingeka kakhulu ebunganini phakathi kwabasha abesilisa
nabasha abesifazane.
Isimo sokuthi abesilisa banesithunzi esidlula isithunzi sabesifazane
sifanele ukulahlwa ngokuphelele.
Ukuhlangana nabanye abantu kunqoka.
Umqondisi udinga ukuthintana nabantwana nabasha bakhe.
Umqondisi udinga ukwazi imindeni yabo nesimo sokuphila kwayo.
Umqondisi udinga ukwazi izinkathazo nezinkinga zabo.
Ukuthintana kuqala ngezimpawu zenhlonipho nothando nolwazi.
Siyabamukela ebunjanini esibafumana kubo khona manje, siqale khona
ukubasiza ukuthi bakhule, baguqule inkambo yabo.
Ubudlelwane obusizayo imfundo.
Yilowo nalowo unesibopho sokuthuthukisa ukuphila kwakhe.
Akusiwo umsebenzi wothishela ukwamuka lesisibopho sabantwana
nabasha, kodwa ukusivusa nokusikhanyisela ukuze bakwazi ukukhetha
ngenkululeko ekukhanyeni kokulungileyo nezinhloso ezilungileyo.
Izwi elisho ‘to educate’ (ukufundisa) livela ezwini leSilathini ‘educare’ .
Lelizwi lisho ukuthi ‘ukudonsa’ hayo ‘ukuthela’.
Umqondisi unesigaba esimqoka. Ngobukhona bakhe angabanika
iseluleko nesithelo solwazi lwakhe. Ngokumazi nangokumthemba
abantwana nabasha bangafunzelelwa ukulandela isibonelo sakhe.
Umqondisi ufanele ukwamukela abantwana nabasha ebunjanini
abafumana kubo khona manje, aqale ukubanceda ukuthi bakhule,
baguqule inkambo yabo uma kudingeka.
Esimweni lapho sibafumana khona manje kulapho uNkulunkulu
akhethile ukubamema ukuqala uhambo lokuphila kwabo konke.
Sifanele ukuqonda ukubekezela kukaNkulunkulu esifanele ukukulingisa.
Sifanele ukuqonda ukuthi yilowo nalowo usesimweni siphi ngaphambi
kokumnika izeluleko nokuhola.
Ukubakhona.
Ubukhona yisigaba esimqoka sendlela kaJohn Bosco yokusebenzela
abantwana nabasha.
UJohn Bosco waqonda isisekelo sothando nomusa njengobukhona
obugcwele uthando nomusa nobungani bomqondisi phakathi
kwabantwana nabasha.
UJohn Bosco wabiza ubukhona obunjalo ‘ASSISTANCE’.
18

2.9 Page 19

▲back to top
Kulukhuni ukuhumusha lelizwi ngeSizulu. Singazama ngokusho:
‘Ubukhona obusizayo’.
Umfundisi Lemoyne owabala umlando wempilo kaJohn Bosco, wathi
uthando lwakhe lwabantwana nabasha belunje:
UJohn Bosco uqobo lwakhe wayekhona phakathi kwabantwana
nabasha njalonjalo, eya eqenjini ngalinye.
Bengaqondi, uJohn Bosco ngokuxoxisana nabo wathola ukuthi
babephila kanjani emoyeni nokuthi babedingani.
Komunye ubenyenyeza iseluleko endlebeni yakhe; komunye
ubemnika iseluleko maqondana nenkambo yakhe; komunye
ubekhuthaza ukuthi amukele amaSakramente. Ubelibala
isikhashana nalabo ababenesizungu nalabadumele, ubezama
ukubathokozisa. Yena uqobo ubejabulile njalonjalo, emamatheka,
kodwa ubebheka konke ngamahlo aqaphelayo.
(BM 111 pp 79-80)
UJohn Bosco wabatshena futhi, ethi: “Ngikhona phakathi kwenu
imizuzu yonke emini nasebusuku ngenxa yenhlalakahle yenu.”
(BM VII pp 302)
Ubukhona obuvikelayo.
UJohn Bosco ubenethemba elijulile uma ekhuthaza abantwana nabasha
bakhe ukuthi babe nesibopho maqondana nokuphila kwabo. Wathi:
“Noma abantwana abangalungile banobuhle obuncinyane ekujuleni
kwenhliziyo zabo.”
Kodwa ubeqonda isimo senkambo yabo njengoba besinjalo. Watshena
abasizi bakhe ukuthi ‘abantwana nabasha baphula imithetho kaningi
ngokungacabangi, hayi ngenzondo, ngokungabi nababheki abalungileyo,
hayi ngezinhloso ezimbi.’
(BM IV – pp 386)
Ubeqonda isimo sezinhliziyo zabantwana nabasha uma befika
ezikolweni zakhe. Ubeqonda ukuthi phakathi kwabantwana nabasha
abeza eOratory abanye babengalungile, abanye babengakwazi
ukuziphatha kahle, abanye babethanda ukuzijabulisa nje, abanye
babengafuni nakancane okulungileyo, abanye babevilapha, nokuthi
bangadonsela abanye ebubini ngezibonelo zabo ezimbi.
(BM IV pp 395)
Abaningi babo babesanda ukuphuma ematilongweni nasekuphileni
ezitaladini.
Ubukhona obuvikelayo bebudingeka ukubavimbela ukudonsela abanye
ebubini.
19

2.10 Page 20

▲back to top
Ubukhona obuqhubekisa okulungileyo.
Njengombono kaJohn Bosco ngobukhona obuvikelayo ubefuna
ukuvimbela abantwana nabasha bakhe ukuwela ebubini, kodwa
ikakhulu ngombono wakhe ubefuna ngobukhona obuvikelayo ukuthi
bamukele isibopho maqondana nokuphila kwabo nokuthi
ngokubambisana kwabo ubenceda ukufumana izindlela ezilungileyo
zokwenza njalo.
Kulokuqondiswa akunika othishela bakhe uJohn Bosco wathi: “Zamani
ukuba khona phakathi kwabantwana nabasha, nichithe isikhathi esiningi
nabo. Zamani ukunyenyeza izwi lomusa ezindlebeni zabo eceleni uma
nithola ukuthi kuyadingeka. (BM V pp 449)
Indlela yokuvimbela kaJohn Bosco isho ukuthi:
Ukuba khona phakathi kwabantwana nabasha nangalokhu ukukhombisa
umnako ngokuphila kwabo.
Ukuba khona phakathi kwabantwana nabasha ngobukhona
obunobungani obufudumele, hayi njengombheki kuphela nje.
Ukuba khona phakathi kwabantwana nabasha ngobukhona
obukhuthazekayo, ukuze ubavikele ebubini, uqhubekise okungabasiza
ukukhula emoyeni.
Ukuba khona phakathi kwabantwana nabasha ngobukhona
obufunzelelayo, ubakhuthaze ukuhlanganyela ekulungiseleni
nasekufezeni imisebenzi yonke nokwamukela isibopho ngekusasa labo,
ubaphelekezele ohambweni lwabo lokukhula njengabantu abayibo.
Ukuba khona phakathi kwabantwana nabasha ngobukhona
obufakazayo.
Ukulunga okubonakalayo enkambeni yothishela kuzonceda abantwana
nabasha ukucabanga ngenkambo yabo nekusasa labo.
Izeluleko ngobukhona obusizayo.
Ngombono kaJohn Bosco ubukhona obusizayo abusiyo indlela
yokucindezela abantwana nabasha ukugcina imithetho.
Ubukhona obusizayo kusho ukuthi ubukhona obugcwele uthando
nomnako.
Ubukhona obusizayo kusho ukuthi okulandelayo:
Ukuthatha isinyathelo sokuqala. Ukuhlangana nabantwana nabasha
lapho bekhona nokungesabi ukuba phakathi kwabo nokudala
ubungani nabo.
Ukuba phakathi kwabantwana nabasha.
20

3 Pages 21-30

▲back to top

3.1 Page 21

▲back to top
UJohn Bosco watshena abantwana nabasha bakhe, wathi: “Lapha
phakathi kwenu ngizizwa ngithokozile kakhulu. Kimi ukuphila kusho
ukuba nani lapha njalonjalo.”
(BM IV – pp 455)
Ukuxoxisana nabo ngezindaba abazithandayo nangemisebenzi
abayithandayo.
Ukuba umoya munye nabo. Ukukhombisa ikhono lokuqondisisa
ngokujulile izinto abazithandayo, kodwa ukungakhohlwa umsebenzi
wethu njengabaqondisi.
Izeluleko.
Ukweluleka imisebenzi, ukunika amacebo, ukunika iseluleko nolwazi
nokubakhuthaza ukuthi babelane emaqenjini.
Ukufakaza.
Ukukhombisa ngamazwi nangezenzo lokulunga ophila ngakho,
ukuze bakubone. Ukuzimisela ukubachazela ukholo lwakho.
“INkosi uKristo maniyaphathe ngobungcwele ezinhliziyweni zenu,
nihlale nilungele ukuphendula yilowo nalowo ofuna ukunilandisa
ngethemba esinalo.”
(1 Petrus 3:15)
Ukuvimbela.
Zamani ukuqonda ukukhawuliswa nezingozi abantwana nabasha
abahlangana nazo ekukhuleni kwabo nezinto ezingabalimaza
emzimbeni nasemoyeni.
Ukudala isimo esilungileyo.
Dalani isimo esigcwele ukulunga nobudlelwane obufudumele lapho
kuso abantwana nabasha bangakhula khona emoyeni nasemzimbeni.
Ukuphelekezela.
Ngokuxoxisana okubekezelayo sizani abantwana nabasha ukuthi
ngenkululeko bazikhethele okulungileyo nokukholwa
okungabaqondisa ekuphileni kwabo.
Ukubanika isibopho.
Ukubasiza ukwamukela isibopho sokudala umoya olungileyo
ezimweni zonke abangazifumana kuzo.
Ukubakhuthaza ukufunisisa amathuba amasha okusebenzisana:
ngesikhathi sokuphumula, ukuvakashela abanye abasha,
ukuthintana phakathi kwamaqembu ahlukene abasha, ukugujwa
kwezinkonzo zabasha, njalonjalo.
21

3.2 Page 22

▲back to top
Kukhona izindlela ezintathu zokuphendula isimo sabasha.
1. Ukungabanaki nakancane ungabenzeli lutho.
2. Ukubasola ukubona amacala neziphosiso zabo kuphela nje.
3. Ukuba nomnako ngabo nokubasebenzela nokubafundisa.
Kodwa sifanele ukuqonda ukuthi asikwazi ukwamukela imicabango yabo
yonke nokuziphatha kwabo konke.
Kukhona iziphosiso ezenziwa yibo nezindlela ezingalungile zokuziphatha
esingakwazi ukuzamukela.
Siyalahla konke okuphambene noKristo neVangeli lakhe, nakho konke
okuphambene nobuntu obuyibo kulesikhathi samanje.
Kodwa siyaqhubeka ukuba phakathi kwabo ukuze sibasize ukunqoba konke
okuphambene noKristo.
22

3.3 Page 23

▲back to top
INDLELA YOKUVIMBELA kaJOHN BOSCO YOKUSEBENZELA
ABANTWANA NABASHA. (4)
Kungabonakala ukuthi indlela kaJohn Bosco yokusebenzela abantwana
nabasha wuhlelo lwabasebenzela abantwana nabasha kuphela.
Kodwa sibonile ukuthi indlela yokuvimbela kaJohn Bosco ifanele ukucwilisa
izigaba zonke zokuhamba kwethu.
Ifanele ukucwliisa ukholo lwethu kuNkulunkulu.
Ifanele ukucwilisa ubudlelwane bethu bonke nabanye abantu.
Ifanele ukucwilisa indlela yethu yokuphila emphakathini ngothando
olukwazi ukudonsela abanye othandweni.
Lomphakathi ungaba:
umphakathi wezindela.
umphakathi womndeni.
umphakathi wesikolo.
umphakathi wabasha.
umphakathi emsebenzini.
Izisekelo ezintathu zendlela yokuvimbela kaJohn Bosco yilezi:
Ingqondo (ukuqondisisa, ukuxoxisana)
Ukholo.
Uthando nomusa.
Singaqonda ubumqoka balezizisekelo emndenini.
Zimqoka ikakhulu kulesisikathi samanje uma ubudlelwane emindenini
eminingi bubuthakathaka kakhulu.
Indlela yokuvimbela kaJohn Bosco yindlela abazali abangaphila ngayo
emindenini ngomoya weVangeli.
Indlela yokuvimbela kaJohn Bosco isho ukuthi:
Ukuhlala phakathi kwabantu.
Ukubazi kahle.
Ngakho-ke, abazali bobabili bafanele ukuba khona emndenini ngokuba
khona okugcwele uthando nomusa nomnako kusukela elangeni
lomshado wabo.
Ngalokhu bazoqinisa ngelanga ngalinye izifungo abazenzile enkonzweni
yeSakramente lomshado zokuthandana ngothando oluthembekileyo
kuze kube sekufeni.
23

3.4 Page 24

▲back to top
Ngalendlela futhi bazodala umoya wothando, uxolo nokuzwana
emndenini, nalomoya uzothinta ukukhula kwabantwana babo emoyeni
nasezimbeni nasengqondweni nasenhliziyweni.
INDLELA YOKUVIMBELA kaJOHN BOSCO YINDABA YENHLIZIYO.
Abazali bafanele ukuba khona emndenini ngendlela egcwele uthando
nomusa nomnako, bamukele ukuzinikela okudingekayo ukuze benze
njalo.
Ukuwenza umntwana okusho ukuthi ukuba abazali ngukwamukela
isibopho esikhulu.
Kusho ukuthi ukunceda umuntu omusha odaliweyo
ngokomfanekiso kaNkulunkulu ukuze akhule kahle emoyeni
nasemzimbeni nasengqondweni nasehliziyweni nasohawini.
Abazali bafanele ukuqala ukudala ubudlelwane nabantwana babo
obugcwele uthando nomusa nomnako kusukela elangeni
lokuzalwa kwabo.
Ukwenza njalo abazali bobabili bafanele ukuthandana ngothando
olunokuzinikela nokudela ukuphila kwabo ngenxa yabantwana
babo.
Abazali badinga ukubazi abantwana babo nabantwana badinga
ukubazi abazali babo. Bangenza njalo kuphela ngokuhlala kanye
kanye emndenini.
Abantwana badinga ukwazi nokuzwa uthando lwabazali babo,
ukuze bazizwe ukuthi bayathandeka.
Ukuzizwa ukuthi bayathandeka kudala ukuzihlonipha.
Ukuzihlonipha kudingeka kakhulu, ukuze abantwana bakwazi
ukudala ubudlelwane obulungileyo nabanye emuva ekuphileni
kwabo.
ISISEKELO SOKUQALA SENDLELA YOKUVIMBELA kaJOHN BOSCO
INGQONDO (UKUQONDISISA, UKUXOXISANA)
Kumelwe abazali bakwazi ukuhlala phansi nokuxoxisana ngezigaba
zonke zokuhlala kwabo.
Ingxoxo iyadingeka phakathi kwabazali nabantwana ikakhulu uma
sebakhula-khulile.
Kodwa ingxoxo ifanele ukuba khona kusukela ekuqaleni kokuphila
kwabo emdenini.
24

3.5 Page 25

▲back to top
Uma ingekho kusukela ekuqaleni kokuphila kwabo emndenini,
abantwana bangeke bamukele kalula izeluleko zabazali uma sebakhula-
khulile, bekhuthazela ukuzimela, kodwa basadinga ukuqondiswa.
IZELULEKO EZINGALEKELELA
1. Khulumani nabantwana benu, nibachazele izizathu zalokhu enifuna
ukuthi bakwenze.
2. Anibasize ukulalela lokhu enifuna ukuthi bakwenze, ngoba babona
ukuthi kulungile, hayi ngoba besabe isijeziso.
3. Anibakhumbuze kaningi ngalokhu enikubheka kubo. Abantwana
nabasha bakhohlwa ngokushesha.
4. Anibancede ukukhula ukuze babe abantu abalungileyo nabafundi
abathembekileyo bakaJesu.
5. Ningakhonondi njalo njalo ngobuthakathaka neziphosiso zabo.
Zamani ukuqonda ukulunga neziphiwo zabo, nibababaze ngazo.
Ngokubona ukulunga neziphiwo nalokhu abakwazi ukukwenza kahle,
ningabasiza ukubona iziphosiso nobuthakathaka babo, nokuqonda
ukuthi bafanele ukubunqoba.
6. Ncomani kunokuthi nikhuze.
Uma nitusa abantwana benu ngokulunga neziphiwo zabo,
bazokwazi ukuthi niyabahlonipha, nabo bazomukela izeluleko
zenu kangcono kakhulu.
Akusiyo indaba yokuyekela ukukhuza, kodwa yindaba
yokugcizelela futhi iziphiwo zabo nalokhu abakwazi ukukwenza
kahle.
ISISEKELO SESIBILI SENDLELA YOKUVIMBELA kaJOHN BOSCO
UKHOLO
Uma sikhuluma ngokholo sijwayele ukusho ukuthi ukuphila okuqondiswa
ngezimfundiso zeVangeli likaJesu.
Ukholo lusho ukuthi:
ukulazi ukholo lwethu.
Ukugubha ukholo lwethu.
Ukuphila ngokholo lwethu ngelanga ngalinye.
Ukholo wuhambo lokuphila kwethu konke kanye noJesu
emphakathini wamakholwa, siqondiswa ngezimfundiso zakhe,
sizama ukudonsela abanye ohambweni lwethu noJesu,
besiphelekezela ohambweni lokholo.
25

3.6 Page 26

▲back to top
Ngakho-ke, kuloluhambo lokholo kanye noJesu emphakathini
wamakholwa sibizelwa:
ukumazi uJesu nokujulisa lolulwazi ngaye.
ukugcina lolukholo emindenini nasemphakathini
wamakholwa nasesizweni.
IBandla elikhatholika ligcizelela njalo njalo ukuthi abazali
bangabothishela bokuqala babantwana babo. Yibo abanesibopho
sokubafundisa ukholo.
Ukholo lufuna ukukhulula abantu enkambisweni engenanjongo,
enkambisweni ephelelwa yithemba, enkambisweni engenakulunga,
engenasibopho, engenakuzinikela. Ukholo lunika ukuphila kwabantu
inhloso ethelayo izithelo ezilungileyo.
Abazali bafanele ukuba abelusi abahle emndenini wabo:
ngokukhombisa indlela yokuphila okulungileyo.
ngokukhombisa indlela ngokunakekela ukuthi uJesu ukhona
emndenini.
ngokukhombisa indlela ngokumazi uJesu neVangeli lakhe
nokusiza abanye emdenini ukumazi.
ngokukhuthazela ukuphila iVangeli lothando emndenini.
Ngokudala umoya wokholo emndenini ngokuba nezikhathi
zokuthandaza kanye kanye, ngokufunda izwi likaNkulunkulu
emndenini, ngokuba kanye kanye emphakathini wamakholwsa
ngamaSonto.
Lokusebenzisana kwabazali kudingeka kakhulu, ukuze
ukufundiswa kwekhathekhisimu kuthele izithelo eziyizo.
UKUGCINA UKHOLO EMNDENINI
Ukholo lufanele ukuthinta izigaba zonke zokuphila emndenini.
Abazali bafanele ukukhuthazela ukudala umoya wokholo emdenini:
ngesibonelo sabo esihle nokuziphatha kwabo okuhle.
ngokuqonda ukubakhona okuthandekayo kukaNkulunkulu emndenini,
nokusiza abantwana ukuqonda nokuzizwa lokubakhona kukaNkulunkulu
emndenini.
ngokunakekela ukuthi abantwana babo bazi ukholo lwabo.
ngokukhuleka ngokuthembeka emdenini nasesontweni.
Ngokwamukela iSakramente lokuxoliswa(ukuvuma) neSakramente
eliyiNgcwele cwe laselathini, nangawo ukudala nokujulisa ubudlelwane
babo noJesu.
26

3.7 Page 27

▲back to top
Ngokwabelana nabampofu ngalokhu abanakho, nokunakekela ukuthi
abantwana babone ukuthi basiza abampofu nesizathu sokwenza njalo.
Ngokukhuthazela ukuba abayingcwele.
UJohn Bosco wagcizelela ukuthi bonke babizelwa ukuba abayingcwele
nokuthi yilowo nalowo angaba oyingcwele. Wanelisa abantwana
nabasha bakhe ukuthi kwakulula ukuba abayingcwele ngokwenza
imisebenzi evamileyo yelanga ngalinye ngokuqaphela, bakhombisa
uthando kuNkulunkulu ngayo.
Abazali bafanele ukwenza imisebenzi evamileyo yelanga ngalinye
ngokuqaphela nangokwenza njalo baqhubeka endleleni yobungcwele.
ISISEKELO SESITHATHU SENDLELA YOKUVIMBELA kaJOHN BOSCO
UTHANDO NOMUSA.
Uthando nomusa kuyadingeka kakhulu emndenini.
Uthando nomusa kusho ukuthi ubudlelwane obugcwele uthando
nomusa.
Isisekelo nomthombo waloluthando wuthando lukaNkulunkulu.
Kumele ukuthi uthando lubonakale emndenini.
UJohn Bosco wathi: “Akwenele ukuthanda abantwana nabasha. Kumele
ukuba bazi ukuthi bayathandwa.”
Ukuthembana ukuvela othandweni.
Uthando luvela ebunganini.
Ubungani buvela ekubakhoneni.
Ukubakhona kudala ubudlelwane obufudumele.
Kumelwe ukuthi abazali baqonde ukuthi ukubakhona kwabo okugcwele
uthando nomusa nomnako kumqoka ngokudlula konke okunye
abangakunika abantwana babo.
Abazali bafanele ukudala umoya wothando nomusa nomnako noxolo
nokuzwana nentokozo emndenini.
Ukubakhona okugcwele uthando nomusa nomnako nokuzwana noxolo
nentokozo kumqoka kakhulu endleleni yokuvimbela kaJohn Bosco.
Ukubakhona okugcwele uthando nomusa nomnako nokuzwana noxolo
nentokozo kumqoka emndenini.
Abazali babizelwa ukudala ukubakhona okunje emndenini.
Ukusebenza kumqoka ukuze siziphilise, siphilise imindeni yethu.
Kodwa abazali bafanele ukuba nesikhathi emndenini kanye nabantwana
babo.
27

3.8 Page 28

▲back to top
Ngesinye isikhathi abazali baphosisa ngokunika abantwana babo konke
abakucelayo.
Ngesinye isikhathi abazali baxwaya ukuzinikela okudingekayo
ekukhuliseni abantwana babo ngokubanika izinto nje.
Lokhu abantwana abakudingayo ngokudlula konke okunye
ngukubakhona kwabazali okugcwele uthando nomusa nomnako
nokuzinikela noxolo nentokozo.
Abazali bafanele ukuzama ukudala imindeni:
lapho abantwana bazi ukuthi bayathandwa.
lapho abantwana bafundiswa ukuthi ukuthandwa akusiyo indaba
yokwamukela kuphela nje, kodwa yindaba yokunikela
ngokuphana.
lapho ukulangazela kwabo kokunikela kudlula isifiso sabo
sokwamukela.
lapho ukuzinikela yindlela yokuphila.
lapho ukudela ukuphila ngenxa yabanye yindlela yokuphila
Abazali bafanele ukuba nesikhathi sokuhlala phansi nabantwana babo,
sokuphumula nabantwana babo, sokuchitha isikhathi nabantwana babo,
sokuxoxisana nabantwana babo, sokubanceda ukuqonda izilingo
nezingozi abazungezwa ngazo nokudala ukuzihlonipha (self-esteem)
ukuze banganqotshwa yizibonelo zabanye abantwana nabasha.
28